1 results
Search Results
Now showing 1 - 1 of 1
- Umhlaba uwonke unezindawo ezinamagama ezaziwa ngazo, kanjalo nezigodi zinamagama umphakathi waqamba unganakile ukuthi usebesebenzisa ubuhlakani. La magama ezigodi aqanjwe elandela ubuchule obabungafundelwe phansi. Lobu buchule besekwa nawumlando wamagama uqobo. Lobu buchule ekuqanjweni kwamagama kwalo mphakathi ngokuhamba kwesikhathi yibona ovikela ukushabalala komlando, ukudidaniswa kwamagama ezigodi zawo, imibango nokuphikisana ngala magama okungahamba kuvele. Isahluko sokuqala siqukethe konke umcwaningi ahlose ukukwenza ocwaningweni lwakhe olumayelana nokuqanjwa kwamagama ezigodi zakwaMpungose endaweni yaseMlalazi. Umcwaningi kulesi sahluko ubeke kabanzi ngomlando wozalo lwakwaMpungose, izinhloso zokwenziwa kocwaningo, ukubaluleka kokwenziwa kocwaningo, imibono yababhali nenjulalwazi mayelana nokuqanjwa kwamagama ezindawo kanye nentshisekelo yokuqalwa kwalolu cwaningo. Ubuye waphawula ngalabo abayohlomula ngobukhona balolu cwaningo. Isahluko sesibili siqukethe izindlela zokuqoqwa kolwazi ngokuhluka kwazo. Izindlela zokuqoqa ulwazi umcwaningi uchaze indlela ngayinye ububi nobuhle bayo. Kwathi kulezo zindlela watomula ezimusizile lapho ehlwaya ngocwaningo lwakhe kanye nalezo achibiyele ngazo ekuhlwayeni kwakhe ukuze ucwaningo lube ngolunothile. Isahluko sesithathu siveza konke okushiwo abanye ongoti kwezokuqanjwa kwamagama ezindawo nangokuqanjwa kwamagama anoma yiluphi uhlobo. Izinjulalwazi zokuqanjwa kwamagama ezindawo zibalulwe kuso lesi sahluko. Isahluko sesine kwethulwa lonke ulwazi obeluhlwaywa ngamagama ezigodi zaseMlalazi ngaphansi kweNkosi yakwaMpungose kanye nemvelaphi yamagama ezigodi. Kubhekwe nokwakheka kwamagama ezigodi kanjalo nendlela la magama ezigodi abhaleke ngayo. Kulesi sahluko umcwaningi ubalule nangemibuzo ephendulekile ngokocwaningo. Isahluko sesihlanu siqukethe isihlaziyo jikelele socwaningo, izincomo zocwaningo kanye nesiphetho socwaningo.
- 1
- 3
- 0