Search Results

Now showing 1 - 1 of 1
  • PublicationMasters Theses
    Lolu cwaningo luyimizamo enzulu yokuthola izimbangela zokungenwa yidlozi. Ekucwaningeni ngalesi. sihloko kuye kwavela ukuthi liyini-ke lona idlozi. Kuze kwabhekwa nezimpawu zornuntu ongenwa yilo idlozi leli. Lokhu kuzosiza kuvule amehlo ornphakathi ukuba wazi, ususela kulezi zirnpawu ukuthi luhlobo luni lokugula okuphethe umuntu ogulayo. Maningi arnaphupho aphushwa abantu kodwa lolu cwaningo lukwazile ukwehlukanisa arnaphupho awuphawu lokungenwa yidlozi ernaphusheni ajwayelekile. Urnuntu ongenwa yidlozi ugula ngezifo eziningi elashwa ngemithi yezinyanga kodwa kubenhlanga zimuka nomoya. Lo moya wedlozi kuyatholakala ukuthi awuharnbi wodwa kodwa uhamba namandawe namandiki. Lolu cwaningo lube nokulandelela lufuna iqiniso ngale mimoya yamandiki namandawe. Kutholakale nemithi yokuyehlisa Ie mirnoya ewubulawu obumhlophe. Kucwaningwe nangendlela aphehlwa ngayo amagobongo okuyibharnisa Ie mimoya. lsahluko sokuqala sicacisa kuthi bha izinhloso zalolu cwaningo. Kulezi zinhloso kuvela nenkuthazo ekbuthaze umcwaningi ukuba acwaninge ngalesi sihloko. Ubekwenza elandela ukusuka nokuhlala kwamasiko alandelwayo uma urnuntu engenwa yidlozi. Kuso lesi sabluko kuyacaciswa ukuthi liyini lona idlozi, kubukwa nemininingwane elandelwayo ekuthwasiseni umuntu. Kulesi sabluko kubhekwa nendima okuzohanjwa kuyo eyimingcele yocwaningo. Lokho kusiza ukuthi 10 msebenzi ungahambi umathanda kodwa uqoqeke. Isahluko sesibili yisona esesingena shi emsebenzini ozokwenziwa Kulesi sahluko kubukwa eduze ukungenwa umoya wedlozi futhi kubhekwa nezinhlobo zamadlozi angangena umuntu. Yingani la madlozi eqoka 10 muntu arnqokayo? Asuke eqondeni ngalokhu kumkbetha? Uphawu olugqamile lokungenwa yidlozi ukugula, Zifo zini ezitholakala kumuntu ongenwa yidlozi? Mizamo mini ezanywa abantu basekbaya ukunsiza 10 muntu wabo? Esahlukweni sesithathu ucwaningo lungena kwinkanankana yokuqhurna kwedlozi. Lokhu kuqhurna kwedIozi kuthiwa ukubhoboka ngolimi lobungoma. Umuntu ongenwe yidlozi ugula kakhulu, ulala phansi agulele ukufa. Ulashwa ngayo yonke imithi kodwa angasindi. Mhla kubhoboka idlozi ufikelwa yithongo lakhe elimfundisa amaculo obungoma, okuthi kungazelelwe phakathi kobusuku ngokuvama ahayize, ahlabelele, asine. Uvuka noma ngabe ubegula kangakanani aye esangomeni esithwasisayo. Ucwaningo lubuke 10 mngoma omusha efika esangomeni esithwasisayo nokwelashwa kwakhe. Kulolu cwaningo kubhekwe ubulawu bamathwasa nemibhemiso. Lapha esigodlweni amathwasa afundiswa ukugida. Kucwaningwe ngokubhuda ngebomvu nokunqwambisa. Kucwaningwe ngezinyongo, iziphandla kanye nezinye zezimbuzi: Kulesi sahluko kucwaningwe nangemicimbi yokuhlanganisa idlozi. Kuyatholakala ukuthi umuntu akangenwa yidlozi elilodwa kodwa kokunye ungenwa yidlozi lakubo nelasekhaya konina. Onke la madlozi kufanele ahlanganiswe uknze angalwi wodwa egazini likathwasa. Kulolu cwaningo kutholakale nokuthi izangoma azidli konke ukudla kodwa zinokudla ezikuzilayo ngezizathu. Ephehlelweni kunezinto ezingenziwa izangoma namathwasa. Esahlukweni sesine kucwaningwe ngokuphothulwa nokwamukelwa kwethwasangoma. Kubukwe indlela okumenywa ngayo izangoma emcimbini wokuphothulwa. Kucwaningwe ngodwendwe Iwezangoma ukuphuma kwakhe esangomeni esithwasisayo kuyiwa kubo lapho sizalwa khona. Kubhekwe indlela esamukelwa ngayo isangoma nakhona ekhaya lapho usaqhubeka urncimbi wokulifihlela ithwasa. Lithi lingayithola into ebifihliwe bathokoze abasekhaya, kucwaningwe nangomgidi wesangoma esisha. Kubhekwe nokwabiwa kwenyama nokubusa ngotshwala. Esahlukweni sesihlanu kube sekucwaningwa ngokubhula. Kubhekwe izinhlobo zokubhula. Kukhona ukubhula ngekhanda nokubhula ngamathambo. Lapha ekubhuleni ngekhanda ababhuli bayafundiswa ukuba bathi, "Yizwa! Yizwa!" Uma isangoma sishaya emhlolweni. Kubukwe izinto ezenziwa isangoma uma sizoqala urnbhulo. Kukhona nezangoma ezibhula ngamathambo ezilwane zasendle. Kunolwazi olufundiswa izangoma ukuze zikwazi ukuhumusha amathambo zize zihumushe nokuma kwawo, kube seziyayilandela indaba ziyisusela emathanjeni ezilwane zasendle. Kulolu cwaningo kubuye kwabukwa indlela esethwasa ngayo isangoma esesethwasa. Abalozi bangena isangoma esesethwasa kudala kodwa esesiqala phansi sesiyothwasela abalozi. Siyahamba siye esizibeni abalozi basingenise emanzini. Mhla siphumayo siphuma sesicake ngomcako omhlophe sesithandelwe yinhlwathi yasemanzini esuke ithonywe yiwo amadlozi. Uma lesi sangoma sifika ekhaya, siyayibulala Ie nhlwathi senze ngesikhumba sayo iminqwambo neziphandla Lesi sangoma yisona esinemvume yokuba singenza umhlahlo. Lona umbhulo omkhulu omenywa iNkosi kuphela Asikhulumi isangoma. esinabalozi kodwa kuba yibo abakhuluma ngamazwi asamilozi, isangoma sona sihumushele ababhuli. Kokunye bayakhuluma kuzwakale kungadingi namhumushi uma benze njalo kuthiwa baphaphile. Abalozi bahlala phezulu ezintingweni. Bayahamba babuye babuye. Uma bezofika bahlinzekwa ngotshwala. Esahlukweni sesithupha kucwaningwe ngeqhaza elibanjwe yilolu cwaningo ekuthuthukiseni ulimi IwesiZulu. Amadlozi angabantu abahlonishwa kakhulu, babizwa ngokuthi bangaMakhosi. Banamagama emithi yabo bayehlukanisa emagameni aziwayo, lokho okwandisa amagama emithi anothisa ulimi. Umuthi uwodwa uze ubizwe ngamagama amabili, lokho okuyiqhaza elibonakalayo lokuthuthukisa ulimi. Kunamagama ezinto zemvunulo angeke atholakale ndawo ngaphandle kwasebungomeni. Nakho lokho kuyalunothisa ulimi IwesiZulu. Esahlukweni sesikhombisa kuhlaziywa ucwaningo jikelele, kwenziwa izincomo ebese kuqoqwa lonke ucwaningo.
    • 1
    • 2
    • 0