Search Results

Now showing 1 - 1 of 1
  • PublicationMasters Theses
    Lolu cwaningo luveza ingonyuluka ngelingafelwa nkonyane kwaMhlabuyalingana, umnotho kanye namasiko ale ndawo. Kubuye kubhekwe nemfuyo nokudla okuchuma kule ndawo. Isahluko sokuqala sethula ucwaningo jikelele nezinhloso zalo. Kulesi sahluko kwethulwa nentshisekelo ekhuthaze ukwenziwa kwalolu cwaningo. Lesi sahluko sethula nezindlela ezisetshenzisiwe ngesikhathi kuqhutshwa lolu cwaningo kanye nemidiyo yocwaningo jikelele. Kubuye kwabukwa nalabo abazohlomula ngokwenziwa kwalolu cwaningo. Lesi sahluko sibe sesethula nohlaka lwezahluko zocwaningo kanye nesiphetho sesahluko sokuqala. Isahluko sesibili sendlala kabanzi ngamagugu atholakala kule ndawo, okuyizintaba, amahlathi kanye nemifula okuyizinto ezigqamisa ubuhle bale ndawo. Izinhlobo zotshani obumila kule ndawo ezilima indawo ebanzi ekuphiliseni abantu bakule ndawo ekwenzeni umsebenzi wezandla. Lesi sahluko sibuye sinabe kabanzi nangezinhlobo zezitshalo ezilinywa endaweni yaseMakhathini ezinjengokotini, ummbila, ubhontshisi, umoba kanye neminye imifino. Izitshalo ezithela ngaphansi komhlabathi njengamazambane, amantongomane, amadumbe kanye nezaqathe nokunye okumila ngaphansi komhlabathi nakho kwethuliwe. Isahluko sesithathu kuchazwa kabanzi ngezithelo eziyizinhlobonhlobo zasendle ezitholakala kule ndawo. Zitholakala nini? Kuphi? Kubhekwe nomsebenzi wazo. Sibheka nokuthi zenza msebenzi muni? Zibasiza kanjani abantu abaphila kule ndawo? Yikuphi okuzuzwa ngabantu bendawo ngalezi zithelo? Isahluko sesine kubhekwe imfuyo echuma kule ndawo nokubaluleka kwayo, ukusetshenziswa kwayo, indlela yokuyikhulisa nokuyinakekela ukuze yande. Kubuye kubhekwe nokuthi inakekelwa kanjani ngezikhathi zezifo ikakhulukazi ebusika. Kubhekwe nomsebenzi wayo, kubhekwe nokuqeqeshwa kwabalimi abafuyayo. Isahluko sesihlanu kwenziwe isihlaziyo, izincomo kanye nesiphetho sawo wonke umsebenzi. Lapha kuphethwa wonke umsebenzi owenziwe. Kubuye kuvezwe nezincomo okumelwe zenziwe
    • 1
    • 6
    • 0