Search Results

Now showing 1 - 2 of 2
  • PublicationDoctoral Dissertations
    Isahluko sokuqala: Umcwaningi uzobe ethula isingeniso socwaningo. Ukubheka ubumqoka nokubaluleka kwezakhi ma- no- ka- njengoba zitholakala olimini lwesiZulu. Ukulandela okungaba kuphazamisa ulimi nokungalandeleki kulo ngenxa yobukhona bezakhi. Ukuveza inhlansi yokuzodingidwa ngakho okuthinta ukuphika okushiwo ngongoti abathile ngalezi zakhi. Akugcini lapho ngoba kuzovezwa nobumqoka bazo emagameni. Isiphetho sesahluko sizoveza uvo lo mcwaningi ezama ukwakha isithombe ngokutholakalayo nalokho okuzovela ngokuqhubeka kocwaningo. Isahluko sesibili: Kulesi sahluko kuzokwethulwa izindlela zokuqhuba ucwaningo. Kuzozanywa nokwethula ubufakazi bokusebenza kwezakhi zincikene noma zingancikene nezindlela lezi zakhi ezisebenza ngayo olimini lwesiZulu. Izindlela ezizolandelwa kuzoba ilezi ezilandelayo i-Stylistics okuyiqhinga lokubeka amazwi ngesimo nangobuciko. Yona le ndlela izoba ingaphuthile kule ethinta ukuvumbulula amaqiniso ngezisekelo zolimi ebizwa ngokuthi: “Grounded Theory” insizakuhlaziya eyisisekelo. Ngenxa yokuthi ucwaningo luthinta ukwakheka kwegama kungeze kwaba lula ukushiya ngaphandle indlela ethinta injulasakhiwo (Structuralism). Kuzo zonke lezi zindlela kuzozanywa ukuphendla indlela nongoti abaphawula ngayo ngalezi zinhlobo zokucubungula ukuze ucwaningo luqhubeke. Nakhona lapho indlela ebizwa ngokuthi ucwaningo luhlonze “Qualitative research” izobe ikuthinta okudinga ukucwaningwa ukuze kutholakale okungafinyelelwa kukho ngaphandle kokufuna imininingwane yezibalo noma okunobuningi obungadingeki. Isahluko sesithathu: Kulesi sahluko kwethulwa isakhi ma- ekusebenzeni kwaso olimini lwesiZulu. Kukuso lesi sahluko lapho isakhi singavela siqalisa, siphakathi noma ekugcineni kwegama. Isahluko siphinde sixazulule inkinga ngolwazi lwesakhi nobunjalo baso. Kubuye kubhekwe nalabo ababona lesi sakhi siyingxenye enkulu ekwakhekeni kwamagama olimini lwesiZulu. Kusona lesi sahluko kuvezwa isakhi sisebenza ngokwehlukana kokusebenza kwezingcezu zenkulumo ezitholakala olimini lwesiZulu. Isiphetho sizoqoqa okutholakala ngokusebenza kwesakhi. Isahluko sesine: Kulesi sahluko kwethulwa isakhi ka- ekusebenzeni kwaso olimini lwesiZulu. Nakuso lesi sahluko kusazovela ukuthi isakhi siyakwazi ukuqalisa, sibe phakathi egameni siphinde sibe sesijotshelweni segama. Kuzotholakala nokuthi isakhi ka- singanamaphi amandla ekwakhekeni kwamagama amasha ngokuthi siyingxenye efikayo kulelo gama. Kungaphinde kuvele nokusebenza kwaso sihambisana nezinye izingcezu zenkulumo ukuze kubonakale ukuvumelana kwazo nezinye izingxenye zokwakheka kwamagama. Kungabuye kubhekwe nokuthi izinguquko hleze ngamagama okufika nalawo aguqulwayo abejwayelekile ngokugqwala kwawo anaziphi izinguquko ngokuthi awasetshenziswa na? Ucwaningo luzobheka ukuthi ongwaqa abathile abaguquki yini ngokusebenza kwesakhi ngokushintsha amagama batholakale sebethatha isimo sokwehla kwephimbo noma ukwenyuka kwalo. Isiphetho sizosonga okutholakala ngocwaningo. Isahluko sesihlanu: Kulesi sahluko kuzobhekwa imithelela yokusetshenziswa kwalezi zakhi edalwa imifakela evamile olimini lwesiZulu nokuyiyo eyona ulimi lwesiZulu ukuba lukhulumeke ngendlela eqondile. Lesi sahluko siwumhlahlandlela wokuzama ukulungisa umonakalo odalwe izilimi zokufika ezidunga ulimi lwesiZulu. Isiphetho yisona esiyozama ukuqondisa nokululeka okutholwe kungumonakalo ngokocwaningo. Isahluko sesithupha: Isahluko sizoqukatha isakhi ma- njengesakhi ekuqambeni amagama ahunyushiwe asuselwe kwezinye izilimi. Kuzovela namagama alahla incazelo ngokuthi asuke ehlonipha abathile nokuthi angena nolimi lweSlang nalo oluthatha isimo sokuthuthukisa ulimi ngendlela yalo. Ngakolunye uhlangothi inguquko engadalwa ngesakhi sisekuqaleni noma maphakathi nasekugcineni sinika incazelo eyehlukile ngokuthi liye kolunye ucezu lwenkulumo. Liyayishintsha incazelo. Isahluko siyophetha ngokubonakala kwenziwa ubukhona besakhi singene egameni njengesiqalo, isigaxeliso noma isijobelelo kulawo magama afikayo. Isahluko sesikhombisa: Lesi sahluko siyophetha sigqamise ubumqoka bezakhi Ma- no ma-, Ka no ka_ nanokuthi zingaba iziqalo ezingadala umehlukoemagameni amaningi.Amagama okungaba amabizo, izenzo namabizombaxa nalawo okwethekelwa. NgokwesiZulu kungeze kwaba khona ukwethekela ngoba okwethekelwe kuyabuyiselwa. Lokhu kungenzeke ngoba alukho ulimi olubuyisela amagama eliwabolekile kolunye.Ukuqanjwa kwabantu kuhamba indlela ende njengakho ukuqanjwa kukaMasogesi. Ukusondelana kwakhe nogesi negesi kuyaqondwa ngabantu ngalowo owetheke kanjalo. EsiZulwini alikho igama Masogesi. Kuyefana ukusebenza kwesakhi Ka no ka- njengoba kutholakala kusebenza emabizweni, ezezweni nakwezinye izingxenye zenkulumo. Ngokuphetha kuyacaca ukuthi isakhi sinokufakwa ekuqaleni siphinde sibe yingxenye yesiqalo singabi ufeleba. Kulokhu kwesibili sokungabi ufeleba oyisiqalo segama kuzodalulwa ngokuthonjululwa kokusebenza kwalolu hlobo lwesiqalo ngokwamagama akhona kulolu cwaningo. Kuzovela nokuthi isiqalo nengxenye ethile kuso iyacasha njengoba kuvelile egameni iliqondo. Lokhu ngokusobala ukuthi isiqalo sithi sikhona kube nezingxenye zaso ezeqekayo okungaba okohlelo noma okokuthanda kuye ngokhulumayo. Okwempoqo ngokolimi kuyenzeka ukuze kungabibikho okungalandeleki kokushiwoyo ngokwemigomo yolimi ngokunjalo nakulokho okubhalwayo. Kuyonconywa kwenziwe iziphakamiso ngezakhi ukuthi kumele zisetshenziswe kanjani olimini lwesiZulu. Lokhu kuyohambisana nokuthi ikuphi okumele kugwenywe ukuze kungafi ulimi njengoba abantu belusebenzisa nsuku zavela.Isihlaziyo siyozama ukudalula okungahluzwa kudingide okungakandeleka ngokuvezwe ucwaningo ukuze isithombe sonke sitholakale. Isiphetho siyobe sesisonga konke obekuyimilengalenga nokunganquntwanga kuboshwe kahle ukuze kupheleliswe lonke ucwaningo. Okungaba izibonelo kungabe kuphothula imbenge eqaliwe ukuze kungakhaleki. Ukubululengeka kokhamba lucolisiswa ukuze izimfa zingaveli kuyobe kuyikho ukuzama ukuphetha ngokuyikho ngezakhi ebezingundabamlonyeni.
    • 1
    • 6
    • 0
  • PublicationDoctoral Dissertations
    Ekudukeni kokukhuluma okuqanjwa ngabantu kutholakala imilozi idwanguza idinga ongayeqela ukuze ithole umthamo wayo ongalandelwa. Njengoba iqanjwe ngabantu kumele igcinwe futhi ithole ukunonophaliswa ngoba ayipheli olimini lwabantu kuphela nje ukuthi banokungayinaki abantu kepha bayayenza. Le milozi eqanjwa ngokuzwakala endlebeni njengesitho esingagcwali kulokho esikulalelayo senza iqambeke futhi ibe nobumtoti obuhamba nolimi lwesiZulu. Isahluko sokuqala sidingida, sihlahle indlela ebalulekile emsebenzini ozoqhutshwa ngayo. Umehluko kuso isahluko uveziwe wokuthi inhloboni yemilozi okubhalwa ngayo. Umklamo uqoqile uveza amanoni ngemilozi azothintwa kwashiywa amanangananga angadingekile ukuze indlela icace. Isahluko sikubeka kucace ukuthi ngobani labo abazohlomula behlomula uma benzenjani. Ongcweti nochwepheshe badaluliwe kuso isahluko ngenhloso yokunonophalisa umsebenzi ukuze umsebenzi ufakaziseke. Isahluko sesibili siveza imilozi ngokwahlukana kwayo njengoba itholakala yenzeka kuyo imvelo ezungeze abantu. Kulesi sahluko kutholakala imilozi eyenziwa izinyoni kuphela. Kwazona zehlukanisiwe ngokwehlukana kwazo njengoba zivela kubantu zibakhombisa izimo ezingefani. Lezo zimo kuyinhlanhla, amashwa nokubika imvula. Kuso isahluko kutholakala nokuthuthukisa ulimi ngalokho imilozi ekuqukethe nokuyinkulumobuthule edalulwa ukwenza kwezinyoni okufundwa ngezikwenzayo. Isahluko sesithathu siqukethe imilozi eyenziwa izilwane ezingafuyiwe zasendle. Lezo kube indlovu, ibhubesi, ubhejane nezinye. Zehlukaniswe ngenhloso yokuthi zona zinokuthile okudinga kutholakale kuzo kucoshelelwe ukuthi zinokubaluleka okungakanani esintwini esingamaZulu. Siqhubekile isahluko sethula imibuzo engazo nanenkulumobuthule eyethulwa yizo izilwane lezi. Ukubaluleka kwazo kuthinte nobumqoka bazo ekuqambekeni kwezibongo zaMakhosi nokuzimbandakanya kwazo ngobungozi bazo kwabangaMakhosi oselwa. Isahluko sesine sethula imilozi eqondene nemikhando yabantu. Siqalisa ngokuchaza okudinga kwazeke ngendlela imilozi engahlaziywa ngayo. Isahluko sethule ukuhlaziya ngoba imilozi ifuna ukukhanyisa kafuphi okutholakala kuyo okunobunkondlo. Ukubumbeka kwayo ngaphandle nangaphakathi nokunye. Isahluko sisaqhubeka nokuveza ongoti abasibona isidingo sokuthola ubunkondlo ngayo. Asigcini isahluko ngokuthola lokho kepha siqhubeka naleyo milozi eqondene nemikhando yabantu nalokho ekwenza kubo. Imilozi eqondene nemikhando kungasatshalalwa nakho konke okukhandwe ngabantu, kwakhethwa leyo enobumqoka kubo. Isahluko sesihlanu sidalula okuhlaziywa ngemilozi ukuthi ubumqoka bayo esintwini esingamaZulu ithini. Amaphuzu alandelene aveza ubumqoka nokubaluleka kwemilozi nabonakale ngokucwaningwa kwayo ngenkathi izihloko zicutshungulwa. Siqhubekile isahluko sesihlanu saveza izincomo ezithamundwe zalandelana ngenhloso yokugqamisa okutholakala kulahleka olimini lwesiZulu. Isiphetho sisonge konke okwethuliwe sabuye sanenezela ngokuphosa inselelo kulabo abangabukela phansi ubumtoti obutholakala ngemilozi
    • 1
    • 6
    • 0