Open Educational Resources (OERs)

Permanent URI for this community

Browse

Search Results

Now showing 1 - 2 of 2
  • 2026
     | University of Zulula...
    Siyini Isichazamazwi Sezamasiko? Akukaze emlandweni wezichazamazwi zolimi lwesiZulu kube khona isichazamazwi esiwumabuthelakonke esilulimilunye sezamasiko. Lesi yisichazamazwi esifakwe kwezobuchwepheshe okuyigxathu elikhulu olimini lwesiZulu. Kulesi sichazamazwi amalema ethulwe ngolimi lwesiZulu abuye achazwa ngalo ulimi lwesiZulu. Kungokokuqala ngqa ukuba kwakhiwe lolu hlobo lwesichazamazwi. Lesi sichazamazwi singesokuqala ngqa olimini lwesiZulu njengoba sigxile kuphela ekuchazeni amalema ezamasiko. Senzelwe bani lesi sichazamazwi? Lesi sichazamazwi senzelwe ukuba sisetshenziswe yiwo wonke umuntu noma ubani onesifiso sokuthola ulwazi ngezamasiko. Kungaba abafundi kusukela emabangeni aphansi emfundo kuze kuyofika kulabo bafundi abasezikhungweni zemfundo ephakeme kanye nabo bonke abantu abadinga izincazelo ezithile zalokho okuthinta amasiko.
    • 2
    • 137
    • 0