Loading...
More Detail
Abstract: Siyini Isichazamazwi Sezamasiko?
Akukaze emlandweni wezichazamazwi zolimi lwesiZulu kube khona isichazamazwi esiwumabuthelakonke esilulimilunye sezamasiko. Lesi yisichazamazwi esifakwe kwezobuchwepheshe okuyigxathu elikhulu olimini lwesiZulu. Kulesi sichazamazwi amalema ethulwe ngolimi lwesiZulu abuye achazwa ngalo ulimi lwesiZulu. Kungokokuqala ngqa ukuba kwakhiwe lolu hlobo lwesichazamazwi. Lesi sichazamazwi singesokuqala ngqa olimini lwesiZulu njengoba sigxile kuphela ekuchazeni amalema ezamasiko.
Senzelwe bani lesi sichazamazwi?
Lesi sichazamazwi senzelwe ukuba sisetshenziswe yiwo wonke umuntu noma ubani onesifiso sokuthola ulwazi ngezamasiko. Kungaba abafundi kusukela emabangeni aphansi emfundo kuze kuyofika kulabo bafundi abasezikhungweni zemfundo ephakeme kanye nabo bonke abantu abadinga izincazelo ezithile zalokho okuthinta amasiko.
Publication Place: KwaDlangezwa, South Africa
Contributor: Prof Mazibuko, G.B.; Xala, Z.E.; Prof Maphumulo, A.M.; Dr Sibiya, N.; Prof Mathenjwa, L.F.; Dr Ngcobo, N.; Prof Khumalo, M.Z.; Dr Nzuza, Ntokozo; Hadebe, N; Nxumalo, B; Cele, B.; Mdletshe, L.; Msomi, L.; Ntshakala, N.P.; Dr Ntuli, Sibusiso Louis; Dr Gumede, S.D.; Dr Khumalo, Khayelihle Excellent; Dr Mbathu, O.N.; Dr Mbokazi, Samukelisiwe Diligence; Dr Mthembu, S.; Dr Myeni, Gladness, Bongephiwe
ISBN: 9781049235493
Publisher: University of Zululand
Related items (Items from the same collection.)
Select desired time period